Lifestyle

IMbube nesitokfela sokufukula abohlanga

Mhlengi Shangase|Published

AMABUTHO kaZulu abesemcimbini wokuvulwa kwendlu yabaholi bomdabu obusoLundi Isithombe: LEON LESTRADE AMABUTHO kaZulu abesemcimbini wokuvulwa kwendlu yabaholi bomdabu obusoLundi Isithombe: LEON LESTRADE

ISILO samabandla uGoodwill Zwelithini sesisungule isikhwama esisibize ngeKing’s Stokvel esithi sihlose ngaso ukuthi isizwe sikwazi ukuba nemali ethi sona, ukuze sigcine sizenzela nemikhosi eqondene noZulu.

Sithi ngalesi sikhwama esinxuse wonke uZulu ukuthi afake nyangazonke kusona, sizokwazi nokulekelela uhulumeni ezinhlelweni zobubha kulesi sifundazwe.

Sikhuluma emcimbini wokuvulwa kwendlu yesifundazwe yabaholi boMdabu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal esidala oLundi muva nje, iSilo sinxuse uZulu wonkana nosomabhizinisi ukuba bafake imali kulesi sitokofela.

Sithe lesi sitokofela sizoqala khona maduze njengoba ne-akhawunti yaso isivuliwe.

“Lesi sitokofela uma wonke uZulu ungase ufake imali singavuthwa ngokushesha.

“Njengoba AmaZulu engu 12 million, uma uZulu ngamunye engafaka ishumi ngenyanga kusho ukuthi kungaba khona uR12 million ngenyanga,” sisho kanje.

Sengeza ngokuthi

asisho-ke ukuthi

abantu kumele bafake amashumi.

Sithe sifuna lesi sitokofela siqalwe maduzane.

“Ngifuna sibone ukuthi kungathi kufika umcimbi wezintombi ngoSepthemba sesinamalini, ngalesi sitokofela singagcina sesikwazi ukuzenzela imikhosi singasadinge kuxhaswa uhulumeni,” sisho kanje.

ISilo sithe asifuni kugcine ngokufakwa kwemali ebhange

kodwa sifuna kuzo zonke izifunda kube khona amaKing’s stokvel warehouse lapho kuzogcinwa izinto

ezizobe zinikelwe ngabantu ukuze zidluliselwe kwabahlwempu.

Imbube inxuse

ukuba sesekwe lesi sitokofela ngoba sihlose ukusiza kakhulu abahlupheka kakhulu.

“Kubalulekile

ukuthi kube khona esikwenzayo ukusiza abadingayo ngoba uma kuphela izibonelelo zikahulumeni abathembela kuzo kuyoba nenkinga enkulu,” sisho kanje.

Imbube ixwayise uhulumeni ngokuthi kumele asukumele indaba yokulwa nendlala.

Sixwayise ngokuthi indlala ibanga ulaka.

“Umuntu olambile angenza noma yini, akanendaba ngisho nokufa. Ayisukunyelwe indaba yendlala kungaze konakale,” sisho kanje.

Siphinde sanxusa ukuthi kusukunyelwe nodaba lwezimpesheni okunezinkinga ngalo.

“Isicelo sami kulabo abalungisa lolu daba lwezimpesheni ngithi abahlale phansi baphume nesisombululo kungaze kuqhume gula linamasi lokho kuyosho ukuthi sekukhona inkinga engeke isaxazululeka,” kusho Imbube.

Isinyathelo seSilo sokusungula lesi

sitokofela silandela ezivela ezinhlakeni ezahlukene emphakathini ngokuthi Ongangezwe lakhe uthembela kakhulu emalini ayithola kuhulumeni.

Ngesikhathi ethula isabelo-mali sakhe uNgqongqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal, uNkk Belinda Scott, wathi bayazama ukuhlinzeka labo abaphethe isikhwama seSilo ngezindlela zokuzenzela imali.

ISilo sithola izindodla zezigidi njalo ngonyaka kwisabelo-mali sesifundazwe.

Leyo mali isebenza ukubheka impilo yeMbube, oNdlunkulu bayo, abantwana neNdlunkulu yonkana.