News

Umnyango ukhuthaza abazali nezigungu

Mhlengi Shangase|Published

Umnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal usunxuse abazali ukuthi basukume baye kobheka umonakalo ezikoleni ukuze zithi zivulwa ngesonto elizayo zibe sezikulungele.

Lo mnyango usho lokhu nje njalo uma kuvalwe izikole ngamaholidi amade uma sezivulwa kutholakala ukuthi amanye amagumbi abhodlokile, kwenile egcekeni njalonjalo. Kuyasiza nokubheka ukuthi ugesi namanzi kukhona yini.

Lokhu kwenzelwa ukuthi ngoLwesithathu uma sekuvulwa izikole uqale umshikashika wokufunda nokufundisa ngaphandle kokubambezeleka.

Okhulumela lo mnyango, uNksz Mbali Thusi, uthe izigungu ezilawula izikole kumele zinikele ezikoleni ukuyobheka ukuthi isimo sinjani.

Uthe uma kungamaholidi kuningi okonakalayo ezikoleni.

“Senzela ukuthi bafike babheke uma kukhona umonakalo othile bese besibikela ukuze sisheshe silungise. Uma kungukuthi kuyayekwa kuze kubonakale uma sekuvulwa izikole kuba yinkinga ngoba kuphazamiseka ukufunda nokufundisa kulungiswa lezo zinkinga. Usuku lokuvulwa kwezikole akulona olwezinkinga kodwa olokufunda nokufundisa,” kuqhuba uNksz Thusi.

Isolezwe linikele eZwelibanzi High kwa-J eMlazi izolo lapho lifike khona kujulukiwe kulungiswa uphahla lwasemahhovisi othisha olwabhodloka.

Leli phephandaba lithole nokuthi abafundi besebebhalisa njengoba lesi sikole silungiselela ukuthi uma sekuvulwa ngesonto elizayo kuqale umsebenzi.

Uthishanhloko, uMnuz Sibusiso Maseko, uthe baqale ukubhalisa abafundi kuleli sonto ukuze kuthi kuvulwa ngelizayo baqale umshikashika wokufunda nokufundisa.

Uthe ngoLwesibili babhalise uGrade 10 noGrade 11. Namhlanje bazobhalisa uGrade 12 kuthi kusasa bawubizele esikoleni bezowugqugquzela ukuthi uzimisele wenze kangcono kulo nyaka.

“Sibhalisa kusasele isonto lonke ukuze kuthi kuvulwa izikole uqale umsebenzi singabanjezelwa ngukuthi kumele sibhalise abafundi. Njengoba kulungiswa nophahla silungiselela isonto elizayo ngoba njengoba nezulu lilokhu liqhubeka nokuyidliva amanzi ayangena. Imali yokulungisa siyithatha emalini ekhokhwa ngabafundi unyaka wonke ngoba umnyango ungenelela uma kukhona inhlekelele enkulu kuphela ezikoleni,” kusho uMaseko.

Izikole ezisezifundazweni ezimaphakathi nezwe zivulile izolo. Lezo ezigudle ulwandle okubalwa i-Eastern Cape, Western Cape, Northern Cape neKwaZulu-Natal zizovulwa ngoLwesithathu oluzayo.